Lyrks
Lyrks
Cover Art

Ngiyababona Lyrics by Cishababhemu

2024

[Intro]
Ngiyababona Ngiyababona
Bagxoba phekwami
Ngiyababona Ngiyababona
Bagxoba phekwami
Ngiyababona Ngiyababona
Bagxoba phekwami
Ngiyababona Ngiyababona

[Verse 1]
Ng'bona ikhehla el'shay' igudu, esandleni liquketh' ingudu, ekhanda k'dum' ub'guzuguzu, ekhaya akezukubuya eb'suku
Ngiyababona
Ngiyababona

Ng'bona indoda endala edlula ngemoto enombala ophuzi
Inhloso uk'diliza umkayo bese ibuy' ibheka abafundi
Ngiyababona
Ngiyababona

Ng'bona isalukazi s'godl' umxhaka s'dlula la ngey'ntatha
Indodakazi ishiye umntwana naso ijahele abafana
Manje ugogo uphoqelekile ukuthi avuk' ayozama
Ukuze ingane ingabulawa y'ndlala ngoba kay'nacala
Ng'bona lentokazi edlula njalo la ntambama ikhala
Ithi abafana badlala ngayo ngoba kay'nababa
Ngiyababona
Ngiyababona

Ng'bona lamajongo ahamba eyibutho ahlal' ehlomile
Ak'khona ukuy'vikela kepha itoho lawo ukuze aphile
Ngiyababona
Ngiyababona

Ng'bona labantwana abahlezi behleka la bedlala
Omunyе wabo ufihle izibazi ngob' uhlukunyezwa ekhaya
Ngiyababona
Ngiyababona

Ng'bona loya mfundi oyеdwa ohlez' entongela ngekhala
Akas'yekanga ethanda is'kole, wakhathala ukuhlala ekhala
Ng'bona omunye uhamba yedwa naye ushona khona ekhala
Ngoba nguye yedwa ongaguqula isimo sasekhaya
Ng'bona omunye uhamba ehleka yedwa usebizwa ngohlanya
Naye akazenzanga, umona osuk' esweni lika mzala
Ngiyababona
Ngiyababona

[Chorus]
Ilanga lisashona entshona lisaphuma empumalanga
Izimo zalomhlaba, namanje umhlaba uyahlaba
Ithemba lisakhona na?
Ilanga lisashona entshona lisaphuma empumalanga
Izimo zalomhlaba, namanje umhlaba uyahlaba
Ithemba lisakhona na?

[Verse 2]
Ng'bona lelibandla elihlezi liqoqene lapha ngesonto
Kuhlezi k'nikelwa kodw' umfundisi akay'khiphi eyesondlo
Ngiyababona
Ngiyababona

Ng'bona nalobaba ohlezi epha abahluphekile imali
Inhloso ukweba iy'nhlanhla zabo ngoba uthwele ngenhlwathi
Ngiyababona
Ngiyababona

Ng'bona loya mntwana ophila kahle ohlez' enabangani
Es'xukwini sakhe nguye yedwa osanabo abazali
Ng'bona omunye ohleka naye kodwa ukhala ngaphakathi
Ugodle iy'nhlungu zeminyaka ekhula yedwa engenabani
Ng'bona omunye naye eduze kwabo usevez' elomhlathi
Kodwa ngaphakathi enhlizweni ufisa impilo kamngani
Ngiyababona
Ngiyababona

Ng'bona indoda ehamba igqub' inqola endala egcwel' izibi
Indaba yakhe kayaziwa bamthwala bamnquma ulimi
Ngiyababona
Ngiyababona

Ng'bona umama okhangezile obelethe nengane eqolo
Wabanjwa inkunzi ezobhalisela ingane imali yeqolo
Ngiyababona
Ngiyababona

Ng'bona ababuya emazweni bequketh' iy'dakamizwa
Ng'bona odadebethu bey'thatha kubo bevuka imizwa
Ng'bona nabafwethu bey'thenga befuna uk'daka imizwa
Ng'bona befa nek'sasa labo el'setshenzelwe kanzima
Ng'bona mina ng'gcwele indawo ub'sika nehlobo ng'yazitshwa
Ngabe beza kimi bezozinza kepha bayang'sika
Ngiyababona
Ngiyababona

[Outro]
Bagxoba phekwami

About “Ngiyababona” by Cishababhemu

Read the complete lyrics to "Ngiyababona" by Cishababhemu in 2024. On Lyrks you can follow along with the full text, explore the artist's discography, and discover related songs. The track is often categorized under Rap.

"Ngiyababona" is performed by Cishababhemu. in 2024 This page provides the full lyric text for fans who want to sing along, study the songwriting, or compare versions across releases. Lyrks organizes lyrics by artist and song slug so you can bookmark and share a stable URL. Music lyrics help listeners connect with emotion, narrative, and rhythm in a track. Whether you are learning English, researching a favorite chorus, or preparing for karaoke, having accurate line breaks and section labels (verse, chorus, bridge) makes the experience easier. We link to the official artist profile on Lyrks where available, including biography snippets, top songs, and chart placements when we have that data. If you enjoy "Ngiyababona", explore more songs by Cishababhemu using the links below. Chart and trending pages on Lyrks highlight what listeners are searching for this week. For copyright or correction requests, see our DMCA and contact pages.

View all songs and biography for Cishababhemu · Trending lyrics · Billboard Hot 100

Frequently asked questions

"Ngiyababona" is credited to Cishababhemu. Songwriting credits may include additional writers listed on the release; check the credits section on this page for linked collaborators.

Album information for "Ngiyababona" is not available in our database yet. You can still read the full lyrics on this page.

Visit the Cishababhemu artist page at /artist/cishababhemu for biography, popular tracks, and links to more lyric pages.


Lyrks
Lyrks

Your gateway to the world of music lyrics.

Product

Features


© 2026 Lyrks. All rights reserved.