Lyrks
Lyrks
Lyrks
Cover Art

Inhlupheko Lyrics by Big Zulu

Ichwane Lenyoka

2021

[Verse 1: Big Zulu]
Sawubona mtanami
Ngithemba ukuthi uyaphila
Ngokwegama ngudoris
Ngiyabonga usuze wafika
Mzukulu, leth' amanzi
Ukutheng' icold-drink ngyafisa
Kodwa ikati lilele ezikho
Sibong' umphefumulo masiphila
Mtanami angixolise, ukuk'moshela isikhathi
Okungezeka ukuthi umatasa
Kodwa ngeke ngithath' isikathi
Mzukulu, awleth' icansi
Umalume ake ahlale phansi
Angazi ng'zoqalaphi
Kodwa ng'celi ukuqala phansi
Mangithi ngiyabheka, umama ugcwele usizi
Kodwa imbokodo yokuqina le iyibambe ishisa insimbi
Mzukulu uyahlakula kukhal' igeja ugcwel' insimu
Sesizwa ileya nkomo ukuthi silale sidlile ubisi
Mtanami angikusho lokhu
Mina ngazalelwa ukuhlupheka
Ngiyinhlekisa emphakhathini nginana impuphu noshugela
Abanye bathi ngiyathakatha
Ngithule bengisukela
Angiyazi injabulo
Kodwa eZulwini ngiyokhululeka
[Chorus: Mduduzi Ncube]
Kuyoze kube nini, isimo singashintshi?
Inhlupheko, ngikhala eb'suku ne mini
Ngothemba kuwe wedwa, mdali wami
We-Jesu nguwe ithemba lami
Yebo, kunzima, nethemba lingiphelele
Lobubuhlungu nesimo ngisamukele
Imizamo yami iyophela kuwe
Ngizophumula xa ndifika kuwe
[Verse 2: Big Zulu]
Intokozo, mina eyami inzima
Njegoba ubona amathuna
Bonke la ekhaya bangishiya
Lomtwana osemhlane yena ubabakhe wamphika
Kusele mina nomzukulu
Masihamba kuyosala inxiwa
Ngyazi isisho sithi "Alikho ithuna lendlala"
Lomtwana engimtetile, unina wamshiya ekhala
Lona omdala uhlale ebuza "Ukuphi umama?"
Wahamba eyofuna itoho
Akaphindanga wabuya ekhaya
Mtanami, kunzima kunokuphela iviki ng'ngadlile
Ngikhalela uMzukulu abuye eskoleni elambile
Kodwa usebenza kanzima
Ukuba nekusasa eliqhakazile
Ukuthi uphume enhluphekweni
Kodwa ezifundweni udlal' ephasile
Eqinisweni, mtanami mina ngyafisa ubaba angithathe
Kodwa abazukulu mina ngeke ngibalahle
Uyazi isifiso sami ukuthi bafunde baphase
Nali ithawula, mtanami
Beng'ngaqondile ukuthi ukhale
[Chorus: Mduduzi Ncube]
Koze kube nini, isimo singashintshi?
Inhlupheko, ngikhala eb'suku nemini
Ngothemba kuwe wedwa, mdali wami
We-Jesu nguwe ithemba lami
Yebo, kunzima, nethemba lingiphelele
Lobubuhlungu nesimo ngisamukele
Imizamo yami iyophela kuwe
Ngizophumula xa ndifika kuwe
[Verse 3: Big Zulu]
Liyaphuma, liyashona
Kimi akunamehluko
Yebo, ekukhuleni kwami nami
Ngakhula ngina amaphupho
Ngyathula nje, ngilalele enkozweni besho amahubo
Isiqalekiso sami ubaba wabamba elentulo
Kwakhala nyonini layikhaya basiqalekisa
Amathuna anele ebaleni kushoda elami ngivalelise
Beng'ngaqondile ukudabukisa
Ngyaxolisa mtanami, akuyona inhloso nje ukubalisa
Namhlanje mtanami, asazi siyolala sidleni
Into enokungisiza ukuyothengisa erenkeni
Ngizivulele itafula ngiqokelele osheleni
Kokunye nginokulala khona
Ngivuke ngithengise ekuseni
Kunzima mtanami, sidla imbuya ngothi
Angilazi icala lami, emhlabeni ngiyisoni
Kodwa sengivumile, injabulo angiyitholi
Angikukhulule mtanami uhambe ilang' lingashoni
[Chorus: Mduduzi Ncube]
Koze kube nini, isimo singashintshi?
Inhlupheko, ngikhala eb'suku nemini
Ngothemba kuwe wedwa, mdali wami
We-Jesu nguwe ithemba lami
Yebo, kunzima, nethemba lingiphelele
Lobubuhlungu nesimo ngisamukele
Imizamo yami iyophela kuwe
Ngizophumula xa ndifika kuwe
Credits

About “Inhlupheko” by Big Zulu

Read the complete lyrics to "Inhlupheko" by Big Zulu from the album "Ichwane Lenyoka" in 2021. On Lyrks you can follow along with the full text, explore the artist's discography, and discover related songs. The track is often categorized under R&B, IsiZulu, South Africa.

"Inhlupheko" is performed by Big Zulu. from the album "Ichwane Lenyoka" in 2021 This page provides the full lyric text for fans who want to sing along, study the songwriting, or compare versions across releases. Lyrks organizes lyrics by artist and song slug so you can bookmark and share a stable URL. Music lyrics help listeners connect with emotion, narrative, and rhythm in a track. Whether you are learning English, researching a favorite chorus, or preparing for karaoke, having accurate line breaks and section labels (verse, chorus, bridge) makes the experience easier. We link to the official artist profile on Lyrks where available, including biography snippets, top songs, and chart placements when we have that data. If you enjoy "Inhlupheko", explore more songs by Big Zulu using the links below. Chart and trending pages on Lyrks highlight what listeners are searching for this week. For copyright or correction requests, see our DMCA and contact pages.

View all songs and biography for Big Zulu · Trending lyrics · Billboard Hot 100

Frequently asked questions

"Inhlupheko" is credited to Big Zulu. Songwriting credits may include additional writers listed on the release; check the credits section on this page for linked collaborators.

"Inhlupheko" appears on "Ichwane Lenyoka" in 2021.

Visit the Big Zulu artist page at /artist/big-zulu for biography, popular tracks, and links to more lyric pages.